UHulumeni utshala imali kungqalasizinda yezemidlalo

UHulumeni ubeke u-R252 wezigidi zamaradi njengesibonelelo sengqalasizinda kamasipala esizinikele ukuze kwakhiwe futhi kuthuthukiswe izikhungo zezemidlalo zasekhaya onyakeni wezimali ka-2022/23.

Ngokwe-International Cooperation, Trade and Security (ICTS) Cluster, kwabelwe abomasipala abangashumi amabili nesikhombisa (27) babalelwe kulonyaka wezimali ukuthuthukisa ingqalasizinda.

“Kuzosetshenziswa izigidi ezinhlanu zamarandi (R5 million) ekufakweni kwezindawo eziyishumi zokuzivocavoca zangaphandle kanye namapaki okudlala ezingane ,ezophinde idale namathuba emisebenzi engalinganela kumashumi amahlanu(50) emiphakathini yendawo.

“Onyakeni wezimali ka-2022/23, izinsiza zomtapo wolwazi ezintsha ezingamashumi amabili nesishiyagalolunye (29),kanye nengqalasizinda ekhona yomtapo wolwazi engamashumi amane (40) zihlelelwe ukuxhaswa ngezimali ngesabelo mali esingalinganiselwa ku R310 wezigidi zamarandi. ”

Isitatimende esikhishwe yi-ICTS cluster ngoMsombuluko.

I-Ningizimu Afrika izobamba imicimbi emikhulu yezemidlalo yamazwe ngamazwe.

I-Ningizimu Afrika izosingatha imicimbi emikhulu yezemidlalo yamazwe ngamazwe ehlukahlukene kulonyaka.

“I-Ningizimu Afrika isingathe inkomishi yomhlaba yabesifazane i-T20 eKapa,efinyelele kowamanqamu ngeSonto,mhlaka-26 kuNhlolanja 2023.

Kowamanqamu, nakuba izintokazi zehlule ngama-run ayishumi nesishiyagalolunye (19)

ziqophe umlando ngokuqeda ngendondo yesiliva” kusho i-ICTS cluster.

I-Ningizimu Afrika izophinde isingathe indebe yomhlaba ye-Netball 2023 ezoba se-Cape Town International Conference Centre,kusukela ngomhlaka -17 kuNtulikazi kuyela ku-08 kuNcwaba 2023.

Ukusingathwa kwemicimbi yezemidlalo emikhulu yamazwe ngamazwe, kuyingxenye yesu leNingizimu Afrika lokuvuselela umnotho, okugxilwe kakhulu efeni elihlala njalo.

Lezi zenzakalo ezishiya ngemuva ukuze kuzuze izwe.

Uhlelo lokwakha kabusha nokuvuselela umnotho luhlose ukwakha umnotho omusha futhi luveze ikhono langempela leNingizimu Afrika.

Inhloso enkulu yaloluhlelo ukwakha umnotho ozinzile ,oqinile futhi obandakanya wonke umuntu.

Okulandelayo yimicimbi yamazwe ngamazwe ezoba kuleli:

Indebe yomhlaba yebhola lomnqakiswano, ngo-Ntulikazi/Ncwaba 2023 (R90m phezu kwe-MTEF eqala ngo 2020)

Indebe yomhlaba ye ICC Women T20 yango-2023.

Formular E, CT ku-Nhlolanja 2023/24/25/26/27

Imiqhudelwano yomhlaba wonke yethenisi, e-Durban, kuNhlaba 2023.

Amakhosi omhlaba Ragatta, Roodeplaat ku-Mandulo 2023

Be the first to comment

Share your input on this article

This site uses Akismet to reduce spam. Learn how your comment data is processed.